UNTULI UNCOME AMAVOLONTIYA ALWA NOBUGEBENGU KWACALUZA

AMAVOLONTIYA akwaPoyinandi avikela umphakathi ebugebengwini obuhlukahlukene.

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ekhuluma namavolontiya alwa nobugebengu emphakathini.
IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ufanise amavolontiya alwa nobugebengu emphakathini, nezishoshovu ezalwela inkululeko yakulelizwe ukuze likhululeke.
UNdunankulu uNtuli usho lokhu namuhla, ngesikhathi enomhlangano namavolontiya, ehholo lomphakathi kwaPoyinandi, eMgungundlovu.
Uncome kakhulu amavolontiya wathi lo msebenzi bawenza ngokuzimisela babeka phambili umphakathi. “Ukuxakeka akungabi yihawu lokwenza ubugebengu kubantu. Kufanele nibambisane nomphakathi ukulwa nobugebengu. Siyabonga ukuthi niyavolontiya kodwa ngelinye ilanga niyoshayelwa izandla,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uthi abaqhubeke benze umsebenzi omuhle, wokuvikela umphakathi abawakhele, nokulwa nobugengu.
“Ngesikhathi ngingena ehhovisi ngakuqonda ukuthi amaphoyisa angeke akwazi ukulwa nobugebengu ewodwa, kodwa ayaludinga usizo lwenu,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uqhube wathi njengoba besebenza abasebenzeli ukunconywa, kodwa basebenzela ukwenza umehluko.
Uveze nokuthi uzokwandisa amahhovisi oMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, ongaphansi kwehhovisi lakhe kuzona zonke izinkalo zesifundazwe futhi uma sekuqashwa kuyobekwa eqhulwini labo abangamavolontiya. Uphinde wagcizelela ukuthi lezi tifiketi abanazo zoqeqesho zingababeka kumathuba amahle kakhulu uma befaka izicelo zokuba amaphoyisa.
