Uncategorised

OBHOBOKE NGOKWAMPHULA INHLIZIYO U-RIVERIO

OWAYEQEQESHA i-Orlando Pirates ubhoboke ngokwamphula inhliziyo ngenkathi eyoqeqesha elase Gibhithe.iSITHOMBE: Sunday World

MALIBONGWE MAZIBUKO

OZAKHELE ugazi ngesikhathi eqeqesha i-Orlando Pirates uJose Rivero, usebhoboke ngesinqumo esamenza waqoma ukushiya eqenjini lezimnyama, wamukela itoho eqenjini lase Gibhithe i-Al Ahly.
Lo mqeqeshi waseSpain washiya ezimnyama ngenyanga kaNhlaba kulo nyaka ngaphambi kokuthi kuphele inkontileka yakhe ngoNhlangulana.
“Kukodwa okwangiphatha kabi ngokushiya eMay Fair, ukuthi ngiyojina i-Al Ahly ngokuphazima kweso ingakapheli inkontileka yami ukuze ngiyolungiselela iClub World Cup ngoba kwakuphoqolekile” kusho uRiverio.