Uncategorised

UNTULI UKHALE NGONYA KWI-SOKA ELIBULALE IZELAMANI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UNDUNANKULU uMnuz Thami Ntuli ukhale ngonya, kowesilisa odubule wabulala izelamani, okubalwa intombi yakhe ekhulelwe nodadewabo kantombi, bashonela khona esigamekweni, kwathi umakhelwane wadubuleka kanzima naye wazidubula wafa.
UNdunankulu uNtuli ukusho lokhu ngesikhathi ehambele umndeni wezisulu, eNkonka eLindelani Village, eMzinto.

“Ukubulawa kwalezi zilamani uNandi noNombulelo kushiye thina nemibuzo, yokuthi thina njengeHhovisi likaNdunankulu elusingethe eZokuphepha nokuXhumana noMphakathi, yini esingayenzi kahle. Le ndawo siyayisebenza ngezinhlelo zokuqwashisa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, kodwa kuyacaca akuzwakali,”kubeka uNdunankulu uNtuli.
Uthi uzocela uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuZwelonke ukuthi, angenelele kulolu daba, ukuze kunqotshwe lesi sihlava.
“Sifisa uNgqongqoshe uMnuz Senzo Mchunu, angenelele uma kukhona izinsiza ezishodayo kulesi siteshi samaphoyisa. Sicela umphakathi, abamabandla, amakhosi nezinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini, ukuthi basebenzisane namaphoyisa, ukulwa naleli chilo,”esho.
Uveze ukuthi utshwala bezidakamizwa zinomthelela omkhulu odlameni okubhekuswe, kwabesifazane nezingane.
Ephetha uthe baziqhamuka nezinhlelo ezintsha, zokulwa nalesi sihlava, esicela umphakathi ubambisane namaphoyisa.