Uncategorised

UNTULI WESEKA U-RAMAPHOSA NGOLWABOKUFIKA ABANGENAMAPHEPHA

UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.

NOMCEBO NGEMA

UKUQASHWA okuyinsakavukela kwabokufika abengenawo amaphepha okuba kuleli, sekwenze uhulumeni wabhukula, wathi abaqashi abaqashe abokufika abakuleli ngokungemthetho ababoshwe.
Le nkulumo kaMengameli Ramaphosa ithole ukwesekwa uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, wathi uyayeseka inkulumo kaMengameli wezwe ayikhuluma ngesikhathi ethula inkulumo yesizwe, njengoba athi bonke abaqashi abaqashe abokufika abengenazo izimvumo kufanele baboshwe.

“Abakufika abakuleli ngokungekho baqeda imithi ezindaweni zezempilo zikahulumeni, esuke ibekelwe abantu bakuleli. Uma umuntu kuleli ngokungemthetho usuke engaziwa engabaliwe kukho konke okuhlinzekelwe, abantu bakuleli.,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
Usho nokuthi emingceleni kuzokwandiswa abasebenzi, nezinsiza kusebenza ukuze kubonakale konke okungenayo nokuphumayo, ngenhloso yokuqeda abokufika abagcwele kuleli ngokungemthetho.