Uncategorised

IBHEKWE NGABOMVU INGOMA YOMSAKAZI WO-UMHLOBO WENENE FM

U-AMAZA Ntshanga ozokhipha inoni lengoma esihloko sithi ‘Bana Yango’. ISITHOMBE: FACEBOOK.

NOMCEBO NGEMA

IBHEKWE ngabomvu ingoma ka-Amaza Ntshanga, ongumsakazi wo-Umhlobo Wenene esihloko sithi “Bana Yango” okulindeleke ukuthi iphume mhla ziyi-06 kuNhlolanja kulo nyaka.

Le ngoma ka-Amaza ingeyokuqala nqa njengoba eyiqophe ngaphansi kwesitebele i-Asanda Empires.

U-Amaza uthi kule ngoma upike Jon Delinger, kanti izomvulela okuningi.

“Le ingoma yami yokuqala futhi izovula ikhasi elisha empilweni yami. Iwubufakazi bokuthi ukukhula kwesinye isikhathi bukubeka endaweni ongakaze ucabange ukuthi uyoke ube kuyona. Kulengoma abalimele bazophola futhi babuyelwe ithemba. Ikhuluma nengaphakathi lomuntu okuyinto abantu abaningi abayizibayo okanye abangathandi ukuyenza,” kusho u-Amaza.

Uqhube wathi ukhuthazwe ukungena kumsakazo, adlale umculo ohlukahlukene nsuku zonke.
Uthi kuleminyaka edlule uzithole engadlali umculo kuphela kodwa enemizwa ejulile ngesikhathi ewulalele, futhi ewuzwa ungena ngaphakathi.