UPENNY WODUMO LUKA-R2800 USESAKAZA UMASKANDI KWI-JOZI FM

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
INTOKAZI yaseThekwini esakaza kuJozi FM, igixabezwe itoho lokusakaza uhlelo lukamaskandi kulo msakazo womphakathi waseGoli.
UPenny Ntuli uzwakale okokuqala ephusha lolu hlelo Izigi ngoMgqibelo owedlule, ungene ezicathulweni zikaVusizwe Langa osebuyele kuKhozi FM.
UPenny uveze ukuthi ujabulile ngokuqokwa kwakhe, kodwa washeshe wakuveza ukuthi lokhu akusho ukuthi angeke esazwakala ohlelweni lwakhe lwansuku zonke, olungena ngo 9 ekuseni kuya emini. UPenny uthe uzibona ekhula ngamandla embhobhweni selokhu afudukela eGoli, ngemuva kokushiya kabuhlungu iGagasi 99.5 FM ekhala ngomholo awubiza ngamakinati. Selokhu efike kwiJozi FM useke wanikwa nohlelo lwe gospel nalo afika walushayela ngesinono kwachazeka abalaleli nabaphathi bomsakazo. Uhlelo lukamaskandi akukhathali noma umsakazo omncane, noma omkhulu kodwa luhlale lulandelwa kakhulu, ngenxa yamabhinca azifelayo ngomculo kamaskandi.
