I-BAFANA BAFANA KOLUNYE UBISHI

UMBIKO: MABUHLE MLABA
I-BAFANA Bafana ingase izithole iphucwa amaphuzu kulandela izinsolo zokuthi idlalise uTeboho Mokoena kungamele, ngesikhathi ibhekene neLosotho emdlalweni wokuhlungela i-FIFA World Cup eLimpopo ngoLwesihlanu.
IBafana Bafana iwunqobe ngo 2-0 loya mdlalo okwenze yaqhwakela esicongweni namaphuzu angu-10, ilandelwa iBenin esikoleke amaphuzu awu-8 kanti iRwanda yona inayisikhombisa.
Uma ingaphucwa iphuzu kochaza ukuthi iyagudluka esicongweni bese kuthi izimbangi ezinkulu iNigeria yona esithole amaphuzu ayisithupha, ithole umfutho wokuvuka izithathe.
Kodwa namhlanje ntambama sekuvele ukuthi uMokoena bekungamele awudlale oweLesotho ngoba ubenamakhadi aphuzi abemvimbela ukungena enkundleni.
Lo mdlali weMamelodi Sundowns wathola ikhadi eliphuzi iBafana ibhekene neBenin, waphinda walithola futhi elinye kudlalwa neZimbabwe. Ngokwemithetho yeFifa uma umdlali ethole amakhadi aphuzi emidlalweni emibili ilandelana kumele angiwudlali umdlalo owodwa.
Uma iBafana ingaphucwa amaphuzu amathathu ingalimala kakhulu emizamweni yokuyodlala kuWorld Cup. Ukuvela kwalezi zindaba sekuqubule imibuzo yokuthi kanti ngempela abaqeqeshi beBafana Bafana nabaphathi babo i-SA Football Association bawenza kanjani umsebenzi wabo. Sekungokwesibili iNingizimu Afrika ingena ehlazweni ijabulela ukuthi isizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) kanti akunjalo. Nalapho yaqhamuka imibuzo yokuthi kanti bona abayifundi yini imithetho yeCAF.
