Uncategorised

UNCOME ABADLALI OQEQESHA ULUNDI

UNCOME abadlali oqeqesha uLundi United benqoba owe ABC Motsepe League ISITHOMBE: Iconsi

MALIBONGWE MAZIBUKO

KUYE njengamagama enkehli eqenjini Ulundi United, kulandela ukuthi liguqise i-University of KwaZulu Natal FC ngamagoli amathathu kwelilodwa (3-1) Egdewood Campus Stadium, ngoMgqibelo.
Umqeqeshi wonozinti uBheka Mtshali wakusho kwagcwala ukuthi abadlali bazimisele, futhi sebekulungule ukuthi bathole amaphuzu agcwele kulomdlalo.
“Ukusebenza kanzima kuyakhokhela, basebenze kakhulu abafana evikini bezilungiselela umdlalo ukuze bathole amaphuzu amathathu aphelele, yazwakala imithandazo yethu sakwazi ukunqoba kodwa obekubaluleke kakhulu kwakunguhlala kuhlelo lethu esasiluhlelile” kusho umqeqeshi uMtshali.
UMtshali ukuvezile okwenza bengangenelwa amagoli amaningi njengoba ukusebenzisana phakathi kwakhe nonozinti bakhe kuhamba ngohlelo.
“Abafana bayazikhandla usuku nosuku ngoba engabstshela khona ukuthi asingangenelwa amagoli amaningi ukuze sizokwazi ukunqoba iligi”
Ulundi United lisahlezi endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu ayishumi emdlalweni emine.