KUYAQHUBEKA UKWAKHIWA KWESAKHIWO SABAKHUBAZEKILE ENGWELEZANE

UNGQONGQOSHE uMnuz Martin Meyer ngesikhathi ehlola indawo okuzokwakhiwa kuyona

.
INDAWO esiqaliwe ukulungiswa ukuze kwakhiwo isakhiwo esizosiza abaphila nokukhubazeka.
NOMCEBO NGEMA
SIZONIKELWA ngokusemthethweni eminyakeni emibili ezayo, isakhiwo i-Orthotics and Prosthetic Centre esizosiza abakhubazekile, okubalwa abanqunywe unyawo okanye umlenze.
Kulesi sakhiwo bazokwazi ukukala baphinde bafakelwe izinyawo namabhuzu, ukuze bakwazi ukuhamba ngezinyawo zombili.
Lokhu kuqinisekiswe uNgqongqoshe woMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal uMnuz Martin Meyer namhlanje, ngesikhathi eyohlola ukwakhiwa kwaso lesakhiwo esibhedlela eNgwelezane, eMpangeni.
UNgqongqoshe uthi mhla ziyi-17 kuNtulikazi ngonyaka ka-2025 umnyango wanqamula ukusebenzisana nosonkontileka we-CV Projects SA (Pty) LTD, kulandela ukuhluleka kwakhe ukwenza umsebenzi wokwakha lesi sakhiwo, ngendlela ababevumelene ngayo. Uthi mhla zingama-23 kuNtulikazi ngonyaka odlule umnyango wabe usubuyisa le ndawo ngakuwona.
“Lesi sakhiwo bekufanele sisinikele ngokusemthethweni ngoNdasa kulonyaka sesiqediwe kodwa angeke kusenzeka. Lo mnyango uzogxile kakhulu kumaprojekthi angahambi ngendlela qefanele, sizokwenza isiqiniseko sokuthi lo msebenzi uyaqhubeka futhi uphotholwa ngendlela efanele. Izinto ezifana nalezi akufanele zenzeke futhi angeke ziphinde zenzeke kulohumeni omusha. Ngiyaxolisa kakhulu kubantu besifunda saseKing Cetshwayo, Zululand naseMkhanyakude ngoba lesibhedlela isona esikhulu kulemikhandlu emithathu. Uma umuntu esesimeni esibucayi kakhulu uyasuswa esibhedlela sangakubo alethwe lapha eNgwelezane,” kusho uNgqongqoshe Meyer.
Uphinde waqinisekisa ukuthi ezinyangeni ezingama-24 ezizayo uzobe esenikela ngokusemthethweni lesi sakhiwo kubantu. Uqhube wathi lesakhiwo besabelwe imali engango-R67 Million ingakabalwa imishini nezinye izinsiza ngaphakathi.
Uthi njengoba bezofaka imishini nezinye izinsiza le mali izonyuka. “Njengamanje sizobheka ukuthi kusetshenziswe malini, usonkontileka ubesewuqalile umsebenzi.
Lo msebenzi uzonikwa omunye usonkontileka ngoMbasa ukuze aqhubeke nawo, ebese kuthi ngoNhlaba kulonyaka aqale asebenze,” kuphetha uNgqongqoshe Meyer.
UDkt S’bonakaliso Madlala onguMphathi lwesibhedlela. uthi lesi sakhiwo sizoba usizo olukhulu ngoba sizosiza abantu bakule mikhandlu emithathu bathole usizo eduze.
“Isiguli sifika lapha eNgwelezane sikalwe ebese siyiswa esibhedlela eWentworth, eThekwini silinde isicathulo mhlampe izinyanga eziyisi-8. Ukuba khona kwalesakhiwo kuzonciphisa isikhathi esilindwa abaphila nokukhubazeka,” kuphetha uDkt Madlala.
