USESHIYE NGOKUSEMTHETHWENI UMOKWENA KWI-MC ALGER.

USESHIYILE e-Algeria uRhulani Mokwena oseyojoyina iqembu laseLibya.
ISITHOMBE: Lorenz Kohler
MALIBONGWE MAZIBUKO
UMQEQESHI waseNingizimu Afrika uRulani Mokwena usehlukene ngokusemthethweni neqembu elingompetha beLigue 1 e-Algeria iMC Alger, kanti kulindeleke ukuthi athathe izintambo njengomqeqeshi weqembu laseLibya, i-Al Ittihad SC.
UMokwena ubelokhu emataniswa naleli qembu laseLibya izinyanga ezimbalwa ezedlule njengoba i-Al Ittihad ibisivele ikhombise intshisekelo enkulu kulomqeqeshi. Esitatimendeni esikhishwe yiMC Alger, kuthiwe isinqumo sokuhlukana sithathwe ngemuva komhlangano phakathi komqeqeshi nabaphathi beqembu. Iqembu lithe uMokwena uveze isifiso sakhe sokuqeda uhambo lwakhe neqembu ngemuva kwesikhathi esingangezinyanga eziyisishiyagalombili.
Ngaleso sikhathi, uMokwena ukwazile ukuhola iMC Alger ekunqobeni i-Algeria Premier Super Cup futhi iqembu lagcina lihlezi esicongweni we-log kusukela ekuqaleni kwesizini, nakuba liye laphuma emiqhudelwaneni okubalwa kuwona i-Algeria Cup neCAF Champions League.
Abaphathi beMC Alger baphinde babonga uMokwena nethimba lakhe lobuchwepheshe ngomsebenzi omuhle abawenzile ngesikhathi bephethe iqembu, bebafisela inhlanhla nempumelelo esikhathini esizayo.
Kulindeleke ukuthi uMokwena athulwe ngokusemthethweni ezinsukwini ezimbalwa ezizayo ngemuva kokuvuma inkontileka yeminyaka emibili, enombandela wokwelulwa, lapho ezohola iqembu elinqobe iligi izikhathi ezingu-18 elizinze eTripoli.
