Uncategorised

UBUDIDIDI U-DJ SBU ESHAYA UZAMTHILILI KWI-RADIO 2000

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

INDIDA kubalaleli beRadio 2000 njengoba isilomo somsakazi wayo uDJ Sbu eshaya ingwijikhwebu ngokushiya lo msakazo ongaphansi kweSABC.
NgeSonto eledlule lo DJ onamava kwezokusakaza wamangaza abaningi, ngesikhathi ememezela ukuthi uyagcina ukuzwakala emoyeni, ohlelweni iBig Breakfast Show engena ekuseni kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. UDJ Sbu ubezogcina ekupheleni kwenyanga edlule kwazise esethole amadlelo aluhlaza.
Lolu hlelo ufike walenyusa engena endaweni kaGlen Lewis owajoyina iKaya FM.
Nokho uDJ Sbu wethuse abalandeli ngoMgqibelo esebhala enkundleni yokuxhumana u-X obuwaziwa ngoTwitter, eveza ukuthi akasayiqoqi imithwalo yakhe eRadio 2000 wathi, abantu basazomuzwa izinyanga eziyi 12 kulona uhlelo lwasekuseni.
Yize engafunanga ukwenaba ngalo ngqimphothwe kuvele ukuthi kukhona ukuphambana kwemibono okuvelile phakathi kwakhe nabaqashi abezobajoyina.
“Engingakusho nje ukuthi ngisazohlala eRadio 2000 njengoba ngisanda kuvuselela inkontileka ezothatha izinyanga eziyi 12. Ngimema abalaleli bavele indlebe ohlelweni lwasekuseni ngoba kusazoba mnandi,” ubhale kanje esitatimendeni esifushane.