ITHAKASELWE KAKHULU IMIDLALO YABAPHILA NOKUKHUBAZEKA

UDKT Thobile Sifunda ethula inkulumo . IZUTHOMBE: THABISO MJOKA
NOMCEBO NGEMA
KUNXUSWA imindeni yabaphila nokukhubazeka ukuthi ingabavaleli ezindlini, kodwa ibanike ithuba lokuzibonakalisa emphakathini ikakhulukazi uma benothando lwezemidlalo.
Lokhu kushiwo uDkt Thobile Sifunda oyiNhloko yoMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngesikhathi kuqhubeka ezemidlalo ezinhlobo nhlobo zabaphila nokukhubazeka eThekwini.
“Abantu abaphila nokukhubazeka bangabantu nabo, ngiyasithanda isiqubulo sabo esithi-nothing about us, without us lokhu kusho ukuthi konke esikwenzayo kufanele sikwenze kanye nabo. Uma wena umvalela endlini umenza angakwazi ukuveza ithalente lakhe elingamvulela iminyango eminingi akwazi ukushintsha impilo yakhe ngalo,” kuchaza uDkt Sifunda.
Uveze ukuthi uNgqongqoshe wezeMidlalo kuzwelonke uMnuz Gayton McKenzie usungule i-Operation350, okudingeka ama-athlecs ayi-350 amele iNingizimu Afrika kuma- Olympics, abayi-300 bezoya kuma- Olympics, kuthi abangama-50 baye kuma- Paralympics.
“Sifisa ukuthi kulo-50 wabaphila nokukhubazeka kube khona abaphuma lapha esifundazweni baye kuma- Paralympics, lokho kuyobe kusho ukuthi sebedlala emazingeni amakhulu emhlabeni jikelele. Ithalente likhona noma ngabe uphila nokukhubazeka futhi likhulu. Njengoba kuyinyanga yokuqhakambisa amalungelo wzbaphila nokukhubazeka sifisa bejabule, badlale futhi benze konke okuzobenza bajabule,” kuphetha uDkt Sifunda.
Imikhandlu ehlukene KwaZulu-Natal ibiqhudelana emidlalweni ehlukene okubalwa ibhola lezinyawo, elomnqakiswano, ama- Athletics, itable tennis, ichess, iGoalball, umlabalaba kanye ne-wheelchair basketball.
Umcimbi wokuklomeliswa ngezindondo ubuseVictoria Mxenge Indoor Sport Center eMlazi, iTheku likhale lemuka nendondo njengoba kuyilona elidle umhlanganiso kulonyaka.

EMINYE yemidlalo yamaDisability games
