Uncategorised

SEKWANELE NGEZIPAZA EZIDAYISA UKUDLA OKUBOLILE: UNDUNANKULU

smart

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal ukhuculule konke ukudla okubolile obekungakulungele
ukudayiselwa abantu.
UNdunankulu uNtuli ugasele kulezi zitolo ehamba noNgqongoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz Mbali Shinga, ngaphambi kokuthi ayovala umkhankaso wezinsuku eziyi-16 zokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane eGamalakhe.
Uzwakalise ukungenami ngakufice kulezi zitolo, okubalwa ukudla okubolile, indawo engcolile nabanikazi bazo abangenazo izimvume zokuba kuleli.
“Izitolo zinokudla okubolile, amasi anempilo ewunyaka okuyichilo lokho. Inyama ebolile kwisiqandisi ethi ikulungele ukudliwa unyaka wonke. Lento eyenziwa yilaba yimbi okubuhlungu ukuthi isinezidumbu phansi,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uthi ngalezi zitolo sekufanele sithi sekwanele.
Uthi bonke abangene ngokungemthetho kuleli, abahambe babuyele ezweni labo, babuye sebenezimvumo
Ephetha uthe abantu ababike uma bedayiselwa ukudla okubolile kumakhansela abo.