Uncategorised

KWETHULWE ISIGUNGU ESIBHEKELELE ABAPHILA NOKUKHUBAZEKA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga ngesikhathi ekhuluma kulomhlangano. ISITHOMBE: DSD

NOMCEBO NGEMA

ITHEMBA kwethulwa ngokusemthethweni isigungu esizobhekelela abaphila nokukhubazeka, lesi sigungu sethulwe kuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi izolo, ngenhloso yokuthuthukisa inhlalo yabaphila nokukhubazeka.
“Ngithanda ukudlulisa ukubonga kulesi sigungu ngokuthi sibe nesikhathi sihlale ndawonye sibhunge ngezinto eziya phambili futhi ezizobalekelela kakhulu. Lesi sigungu sizobheka kakhulu ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka nabo bayameleleka ezinhlelweni zikahulumeni, baphinde bafakwe babe ingxenye njengoba benesiqubulo sabo esithi (Akungabi Khona Okwenzeka Egameni Lami Ngaphandle Kwami). Lesi siqubulo siveza ngokusobala ukuthi nabo bayathanda ukuveza ilaka labo okanye umbono wabo,” kusho uNgqongqoshe uNksz Shinga.
UNgqongqoshe uShinga bavumelane noSihlalo walesi sigungu uNksz Sindi Cebisa, ukuthi bazohlala phansi babuyekeze ukuthi kuyenzeka yini abavumelene ngakho.