Uncategorised

I-SADTU IKHATHAZEKILE NGOKUSHODA KWEZINCWADI ZEZIKOLE E-KZN

I-SADTU ithi izikole eziningi zisalele emumva ngenxa yokushoda kwezincwadi KwaZulu-Natal. ISITHOMBE: FACEBOOK.

NOMCEBO NGEMA

INYUNYANA yothisha iSouth African Democratic Teacher’s Union (SADTU), isizwakalise ukukhathazeka kwayo ngokushoda kwezincwadi zokubhala (exercises) nezincwadi zokufunda ezikoleni eziningi KwaZulu-Natal njengoba kusanda kuvulwa izikole.

UNksz Nomarashiya Caluza ongunobhala we-SADTU KwaZulu-Natal, uthi ukubambezeleka kokulethwa kwezinsiza kufunda kuphazamisa ukufunda nokufundisa ezikoleni, njengoba abanye abafundi bephoqeleka ukuthi bahlukaniselane ngezinsiza kufunda.

Uqhube wathi lezingqinamba zidalwa ukuncishiswa kwesabelomali okuqhubekayo, nezinyathelo zokunciphisa izindleko.

Ube esexwayisa uMnyango wezeMfundo ngokuthi lokhu kubambezeleka okuqhubekayo, kubeka engcupheni izinga lemfundo kuphinde kufake ingcindezi engenasidingo kuthisha nomfundi.

IPhini likaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uReginah Mhaule, ubevakashele izikole eThekwini, uvumile ukuthi ukufunda kusalele emuva kwezinye izikole waqinisekisa othisha nabazali ukuthi izinsizakufunda ezisasele zizolethwa maduze.