Uncategorised

ISASASA EMKHULEKEKWENI WABESIFAZANE ABASEMBONINI YOKUNGCWABA

KUVULEKE ikhasi elisha abesifazane abasembonini yabangcwabi , bevulelana izifuba ngezinselelo ababhekana nazo.

NOMCEBO NGEMA

ISASASA lenkonzo yabesifazane abasebhizinisini labangcwabi ebikaG, KwaMashu, seliholele ekutheni ibe minyaka yonke.
Lokhu kucelwe abebehambele lenkonzo uNkk Bee Hlengwa ongumngcwabi, kwathi umhleli wayo uBusisiwe Zondi wavumela phezulu.
UNkz Busi Zondi ongumhleli walomkhuleko uthe okwenzekile bekungathi yiphupho.
“Angiyazi mina into enje. Ngathi bengisebuthongweni ngiphupha. Waze wamningi uNkulunkulu eyedwa. Yaze yenzeka into ebisenhlizweni yam”, kusho uBusi.
Yize bekukhulunywa ngabangcwabi kodwa nabanye besifazane abakade bekhona babheme bakholwa.
UMfundisi Thabile Nkosana uhlale ezwini elithi “Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki”.
” Bekungathi uvule ikopi lezibungu bebhoboka abantu besifazane. uMfundisi Siwe Ndlovu ukhulekele bonke abesifazane ethi abangasabi beme isbindi”, kubeka uBusi.
Uthi yize bekuwumkhuleko, kodwa nokukhuluma amaqiniso kowesfazane ewakhuluma komunye owesifazane kube yenye yezindlela zokwelaphana. Indlovukazi Mapule igeqe amagula ingemuki, ingabancengi ibatshela emehlweni ukuthi kungenzeka ibhizinisi alikhulinje yingoba siyamonelana.