I-HOMECOMING IZOVALA OKA- SIBONGILE & THE DLAMINI’S

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
Umusamedia1@gmail.com
LIKHULU igidigidi ngomdlalo omusha weMzansi Wethu ozovala isikhala se-telenovela iSibongile & The Dlaminis eyaphula izinhliziyo zabaningi ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi angeke isaqhubeka ngoMey.
AbeTsheda Pictures asebezakhele igama ngokukhiqiza imidlalo efana neThe River, Legacy neQheberha The Empire sebeqhamuke nomdlalo osihloko The Homecoming oqoshelwe eBergville phansi kwezintaba zoKhahlamba.
Lo mdlalo ukhuluma ngentokazi ekuthiwa uZethu Hlongwane odlalwa uMpume Nyamane osanda kushiya kwiGenerations:The Legacy. UZethu ufunde wagogoda ngobudokotela kanti iphupho lakhe ukuzibona engudokotela wesifazane ohamba phambili ekuhlinzeni. Uma izinto zingamhambeli kahle uphoqeleka ukuthi abuyele emakhaya lapho efica khona uSifiso, oyiphoyisa futhi ongumelaphi wendabuko. Le ndawo idlalwa uThembinkosi Mthembu. Ukuhlangana kwabo kudala uthuthuva njengoba sekutholana phezulu inkolelo yemfundiso yesilungu neyesintu. Phakathi kwabalingisi abadumile abazobonakala kulo mdlalo omusha kunoSipho Manzini ogqame kwiThe Queen nakwi-Inkaba, uKhombi Sangweni owayenguDudu umngani kaThoko ku-Ubambo Lwami, Mpilo Mbatha (Shaka ilembe neThe River), Khayalethu Xaba (Shaka iLembe, Lavish neSmoke and Mirrors) no-Amahle Khumalo (Empini). Izoqala ukuvela ngo 6.30pm
