KONKE KUMI NGOMUMO KOWE-MANDENI HOME COMING

ILEGENDARY Vinyl Kings Movement izobe isikhumbuza ezamzukwana esteji.
ANELE ZUMA
KONKE sekumi ngomumo ngoweMandeni Home Coming Music Festival, ezoba mhla zingama-24 kuZibandlela, enkundleni yezemidlalo Kwancend’mhlophe Stadium eMandeni.
UDJ Nono ongumhleli womcimbi aphinde abe umsunguli we-Nonortainment wethembise abazobe behambele le Festval, ukuthi bazobhema bakholwe kanti kuningi abazokuthokozele.
“Inhloso yomcimbi ukuletha ubumnandi endaweni yasemakhaya. Okubalulekile ukubeka le ndawo kwibalazwe, ukunika umphakathi ithuba ngokudala amathuba emisebenzi nokuthuthukisa umnotho, “ kusho uDJ Nono.
Uthi abantu abaqhubeke bathenge amathikithi bagweme ukuphoxeka ngomzuzu wokugcina, njengoba engekho amathikithi azodayiswa esangweni ngosuku lo mcimbi. Amathikithi ayatholakala eShoprite naseComputicket, ithikithi liqala kuR150, R200, kuthi iVIP ibe uR500.
Abaculi abazoshiyelana inkundla kubalwa iLegendary Vinyl Kings Movement, uNtencane, uSaliwa, Skyewanda, Dankie Boy, Dladla Mshunqisi, Nomakhosini, Falabo, Umafikizolo, Thina And Ndumiso Zungu nabanye abaningi.
Lo mcimbi uxhaswe uMnyango wezeMidlalo ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal noMasipala waseMandeni.
