UBE YIMPUMELELO OWOKUZIVOCAVOCA ETHEKWINI

BEKUKUHLE kudelile ngesikhathi uNksz Chwaita Songca ongumsunguli weSouth Beach Young Stars enze indumezulu yomcimbi wokuzivocavoca
ZETHU PHOSWA
UBE impumelelo umcimbi wokuzivocavoca i-Aerobics Wellness Health e-Amphie Theatre eThekwini, obuhlelwe Inhlangano engenzi nzuzo iSouth Beach Young Stars, izolo.
UNksz Chwaita Songca wale nhlangano uthi, inhloso yalo mcimbi ukugqugquzela abantu ukuthi ahlale bephilile.
“Okwenzela sikwenze ngale nyanga ukuthi, besifisa abafundi abazobhala izivivinyo ngesonto elizayo, bangene kwizivivinyo imiqondo ikhululekile. Sigqugquzela nabadala ukuthi bazijwayeze ukunyakazisa umzimba ukuze bagweme ukuya emtholampilo nasezibhedlela ngento ebebengakwazi ukuyigwema ngokuzivocavoca, “ kusho uNksz Songca.
Uveze ukuthi kabazogcina ngokwenza lo mcimbi eThekwini kuphela kodwa bazohambela nezindawo zasemakhaya beshumayela izwi elilodwa lokuzivocavoca kanye nokudla ukudla okunempilo.
UKhansela Sibusiso Lushaba waku-ward 26 unxuse abahlali bakule-ward ukuthi bazijwayeze ukuzivocavoca, ukudla ukudla okunempilo nsuku zonke ukuze bezohlale beyimqenane. “Njengoba sekungene ihlobo kubalulekile ukuthi sizivocavoce ngoba lokho kuzosiza ngisho imqondo yethu ukuthi icabange kangcono ukuze sikwazi ukubheka kangcono nezimo zempilo kanjalo nasemndenini. Kubaluleke kakhulu ukuthi umzimba womuntu ube nempilo ukuze ukwazi ukulwa nezifo. Siyakujabulela kakhulu ukuba lapha futhi siyafisa ukuthi imcimbi injengalena yande ukuze abantu bephile,” kusho uKhansela Lushaba naye obeyingxenye yokuzivocavoca.
Kulo mcimbi wokuzivocavoca bewuhlabahlose ngomculo nokukwejwa kwepuleti ODJ.
Ebebenandisa kubalwa iMalini, USgwili Zuma, iGagamela, UDJ C’ndo, UDJ Sjerere, UDJ Phumza noDj Happygal.
Lo mcimbi ubuhanjelwe abantu abaqhamuka emalokishini akhele iThekwini kanye nabahlala khona edolobheni.

