Uncategorised

KUNCONYWE IQHAZA ELIZOBANJWA IKHUSELEKA

IPHINI leMeya kaMasipala weTheku uKhansela Zandile Myeni ngesikhathi ethula inkulumo. izithombe: Kwanda Makhoba

NOMCEBO NGEMA

UMASIPALA weTheku uthi uzibophezele ukuqinisekisa ukuthi isikhungo iVZ KaMagwaza-Msibi Khuseleka One Stop Centre izohlale inawo ugesi kanye namanzi. Lokhu kushiwo iPhini leMeya kaMasipala weTheku uKhansela Zandile Myeni ngesikhathi kuvulwa lesikhungo izolo, eBluff eThekwini.
Uthi benguMasipala weTheku bayaweseka umsebenzi owenziwa uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uNksz Mbali Shinga, njengoba ebevula isikhungo esiqanjwe ngengqalabutho uNkk VZ KaMagwaza-Msibi. “UKaMagwaza besimazi sonke njengesishabasheki esilwa nokuhlukunyezwa ngokobulili. Sizokhumbula ukuthi uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa washo ukuthi udaba lokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane luyinhlekelele kazwelonke. SinguMasipala weTheku sithi akungabi izinsuku eziyi-16 kuphela zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kodwa akube izinsuku ezingama-365 onyakeni ukuze kunqotshwe lesihlava,” kusho uKhansela Myeni.

Uqhube wathi into enhle ngalesikhungo ukuthi izisulu zizofundela amakhono ngaphakathi ngesikhathi zilwa nokuphola futhi zilulekwa ngokwengqondo. “Sizokwenza isiqiniseko sokuthi amanzi nogesi kuhlale kukhona kulesi sikhungo esenza into enhle futhi ebaluleke kakhulu. Ngicela amalunga omphakathi asiphathe kahle singezwa ngelinye ilanga kuthiwa sigqekeziwe futhi azi ukuthi akusona isikhungo sikahulumeni kodwa esawo umphakathi nabantu bonke baKwaZulu-Natal,” kuphetha uKhansela Myeni.
Lesi sikhungo sisho lukhulu KwaZulu-Natal, njengoba bekuyisona sifundazwe esingenaso lesi sikhungo.