INKOSI ISHINTSHE AMAGAMA EZINDAWO ZASENANDA EMKHULEKWENI

INKOSI yaseMaqadini uMqoqi Ngcobo kaMzunjani.
PRO NDLOVU
KUBANJWE umkhuleko omkhulu endaweni yaNanda eBhambayi ngoLwesihlanu obewuhlelwe inkosi yesizwe samaQadi uNgcobo ngaphansi kwenhlangano engenzizuzo Inkosi Mzunjani Foundation. Udlame, ubugebengu kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa ikona okusukumise inkosi yesizwe samaQadi yavuka nombono womkhuleko obuhambisana nesiqubulo esithi ‘Buyisanani maQadi sekwanele’.
Lomkhuleko bewethanyelwe abaholi bomphakathi, abaholi bezenkolo, abaholi bezokwelapha, amaphoyisa kanye namabandla ahlukahlukene.
Imindeni ekhahlamezekile ngenxa yalesihlava sodlame nobugebengu ithole ukududuzeka emva kwezinyembezi ezikhalile.
Inkosi ibe seyethula inkulumo ethinte izinhliziyo zabaningi iveza ubuhlungu bayo ngezinto ezenzeka esizweni sayo. “Isizwe samaQadi saziwa njengesizwe esinenhlonipho nesiwalandelayo amasiko. Ngakho kuyathusa ukubona lezinto ezenzekayo, kodwa siyasivala lesihlava namhlanje ngalomkhuleko. Kusuka namuhla lendawo yaseBhambayi seyizobizwa ngokuthi i-Ekunqobeni ngoba sinqoba zonke izinhlupheko nodlame ngalomkhuleko. Kanti iMaoti seyizokwaziwa nge-Ekujabuleni ngoba ngeke kusakhalwa manje kodwa sekuzoba indawo yenjabulo. Asibemunye sinqobe ngomkhuleko”, kubeka inkosi yesizwe.
Kanti nezinye izikhulumi zigcizelele ukubambisana nokuhlanganyela njalo kwezenkolo ukuze kuliwe nobugebengu endaweni.
