Uncategorised

OSONDELENE NOZUMA WENZA OWE-NDEBE

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

USOMABHIZINISI odumile waseThekwini uMnuz Roy Moodley usezibophezele ekufukuleni intsha yaKwaZulu-Natal njengoba esesungule iRoy Moodley Legacy Cup ezodlalelwa eHoy Park.
Ubekwe isiteki sikaR60 000 samaqembu azobe egadulisana.

UMoodley, owake waba umsunguli weqembu lepolitiki i-African Movement Congress nosezakhele igama ebhizinisi lokuqapha, uke waba sematheni ezama ukuthenga iRoyal AM neSuperSport United egcine ithengwe indodana kaNgqongqoshe wezamaCiko,ezeMidlalo nezokuNgcebeleka uGayton McKeinze.

Uthe ngale mizamo ubefuna ukukhombisa uthando analo ngebhola kodwa usezogxila ekufuqeni umfutho wokuvundulula amakhono. “Ngokwami ezemidlalo zenza ukuthi intsha ingagxili ezidakamizweni njengoba izohlale imatasa ngokudlala.

Uthe iqembu elizonqoba ngempelasonto lizogoduka lihleka lodwa nesamba sikaR30 000 bese kuthi elizolala isibili uzothola u R15,000. Abanye abazohlulwa kuma semi final bazothola o R5,000 no R1,200, ngokwehlukana.

UMoodley udume ngokuba nokusondelana nowayengumengameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma ongumsunguli we-MK Party.