KULIWA NOBUGEBENGU NGEZEMIDLALO EMA-HOSTELA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli kanye nezilomo zabadlali bebhola.
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli unikelele amaqembu ezemidlalo ayi-18 ngemijezi, amakhokho, amabhola kanye nezinye izinsiza, ngenhloso yokuqeda udlame emahostela nokwakha ukuthula nenhlalakahle kulezindawo
UNtuli ukwenze lokhu ngesikhathi kunomqhudelwano wamaqembu ezemidlalo asemahostela, enkundleni yezemidlalo eWema ehostela. , UNdunankulu uNtuli ukhuthaze imiphakathi ehlala emahostela ukuthi ibe nokuphepha, ukuhlalisana kahle nozinzo njengoba beqhamuka ezindaweni ezihlukahlukene.
“Sisungule le midlalo ngenhloso yokuqeda ukubulalana emahostela, ukuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane emahostela. Siyazi sonke ukuthi uma kukhona into abantu abamatasa ngayo akulula ukuthi benze ubugebengu futhi nezigameko zodlame kanye nokubulalana kulezi izindawo futhi nginethemba lokuthi zizokwehla kube nokubumbana,” kusho uNdunankulu.
Uveze ukuthi ukuze le midlalo ibe impumelelo babambisane nabahleli okungu-Sport Confederation, iSafa kanye nezingqwele zabadlali asebathatha umhlalaphansi ebholeni kanye nabakhona.
Uthi kuwona wonke amahostela KwaZulu-Natal minyaka yonke uzofaka imali, ukuze kube nale midlalo yokukhuthaza inhlalakahle.
“Kungiphatha kabi ukuthi izinga lokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane liphezulu kakhulu, ngithole umbiko othi kwelinye lamahostela lapha eThekwini kukhona owabamba ingane eneminyaka esiyi-8 wayinyukubeza. Yizo lezi zinto ezenza sihlangane sonke sibambisane ukuthi senze imiphakathi yasemahostela ibe nokuthula kuze kube wonke umuntu ahalele uzohlala khona,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
Izilomo zabadlali ebezikhona kubalwa uSiyabonga Sangweni, uSandile Zuke, uThanduyise Khuboni, uS’thembiso Ngcobo no msakazi osakaza ibhola uJoe Hudla.
