UNDUNANKULU UNXUSE UBUMBANO NGOSUKU LOKUBUYISANA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UNXUSA ubumbano nokubekezelelana kubantu uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli.
Lokhu ukusho ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini wokubuyisana eShowe ezinkundleni zemidlalo.
“Kufanele sibe munye ukuze sisungule amathuba emisebenzi. Abantu balambile, ngeke bakwazi ukubuyisana nokubekezelana. Yingakho kufanele sisungule amathuba emisebenzi, futhi siqhamuke nezindlela zokuthi bakwazi ukuziphilisa ukuxosha ikati elilala eziko,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
Uthe kunomlando okufanele ungacishi wokugubha lolu suku lokubuyisana, njengoba kwake kwabakho ukungaboni ngaso linye kwachitheka igazi ngenxa yodlame.
Uqhube wathi bakhuza udlame KwaZulu-Natal, ukuze kube nozinzo, abatshalizimali bakwazi ukufaka imali ukuze kuthuthuke umnotho.
Esephetha ugxeke isenzo sokubulawa kwabesifazane eMpumalanga eHammardale, okuze kwabulawa amaphoyisa amabili kuleso sigameko..
