UTHUBA LOKUNGENA KWIKHWAYA YASE-KZN ENTSHENI

UTHUBA LOKUNGENA KWIKHWAYA
Esithombeni uSakhile noZolani
UMBIKO :BUSISIWE ZONDI
ITHUBA eliyingqayizivele kwabanephimbo elimtoti, abazobonakala ekhwayeni ePlayhouse, eThekwini, mhla ziyi-30 ku-April.
Le nhlolokhono ngeyokuhlanganisa ikhwaya yaseKZN, ezohamba amazwe ngamazwe ezokwaziwa ngokuthi ‘Udumo KZN Choir’ (UKC).
UMnu Sakhile Thenjwayo odume ngelika Sokhaya omklantshubomvu kule ndima, uzokhumbuleka ngekhwaya yakhe Umlazi Gospel Choir eyayiqoqa kwasani yezindondo, okunguyena umsunguli walo msebenzi.
Uthi inhloso yakhe ukuvumbulula ithalente labantu entsheni.
Uthi iKZN inethalente elimangazayo kakhulu. “Isifundazwe sethu yiso esinethalente kakhulu. Ngakho akumele siyeke ukulivumbulula ukuze izingane zibe nento ezizoyenza zingangeni ekulingekeni kokuganga ” esho.
Ongumqondisi walekhwaya uZolani Mkhize uthi, okwabo ukwandisa amathuba entsheni.
“Sengisebenze iminyaka kule ndima. Angifuni laba bantwana badlule ebunzimeni esadlula kubo. I – UKC kuzoba ikhwaya eqashiwe. Sizokwenza yonke into njengenkampani eqashaya. Sizosayinisa izinkontileka, sibe nemithetho okuzosetshenzwa ngayo ukugwema ukuxhaphazeka komqashi nomqashwa,” esho.
Amasango azovulwa ngehora lesi-8 ekuseni, ePlayhouse.
Umcimbi uyobuphethwe uChurch Boy, kulindeleke ukuthi wasekwe abaculi uJumbo noNhlakanipho Cele. Inhlolokhono ivuleleke kwabaneminyaka esuka kweyi-18 iya kweyi-35 ubudala.Ungabathinta ku 0681030301 okanye ku udumokznv25@gmail.com
