Uncategorised

AMAPHOYISA ATHUNGATHA ABAVULELE NGENHLAMVU E-WENTWORTH

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal athungatha abasolwa ababili abavulele ngezulu lezandla eWentworth. ISITHOMBE: Facebook

NOMCEBO NGEMA

AMAPHOYISA aKwaZulu- Natal afuna uthuli abasolwa ababili, kulandela ukuthi bevulele ngenhlamvu kwashona ababili, kwathi abayi-7 balimala, eWentworth eThekwini, emgwaqeni uMajor Calvert Street, izolo. Amaphoyisa athi ngokwemibiko abayitholile, kuthiwa labantu abadubulekile bebehlezi ngaphandle kwebhilidi abahlala kulona ngesikhathi kuqhamuka imoto yohlobo lweMadza 3, kwehla abesilisa ababili bavulela ngenhlamvu bebhekise kulabantu ebebehleli.
Athi kuthe ngesikhathi izisulu zibaleka, abasolwa babalandela belokhu bevulele ngenhlamvu, nokuholele ekutheni kushone abantu ababili, kwalimala abayisikhombisa (7). Izisulu zilinganiselwa eminyaka ephakathi eyi-15 kuya kwe-22 ubudala.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshuinda uthi ayikaziwa Imbangela, amaphoyisa ayaphenya.