Uncategorised

KUSHIPHELENE IZINKAKHA NGENXA YEMALI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

IMALI isixabanise abalingani beminyaka abadumile emkhakheni wezikaqedisizungu.
UDuma ka Ndlovu, wodumo lokukhiqiza imidlalo enohlonze kumabonakude, akasabhekani nenkakha yomculi uSello “Chicco” Twala ngenxa yokuthi uDuma wehlulekile ukukhokhela irenti endaweni abeqophela kuyo umdlalo wakhe iBrothers’ Keeper, eZuurbekom eGoli. Kuthiwa uNdlovu besekunesikhathi eside ehluleka ukukhokhela nogesi. Izinkinga zezimali kuNdlovu ziqonge ngemuva kokuthi aboshwe amaHawks ngenxa yokuhluleka ukukhokhela intela ebalelwa kuR25 million. Ama bank accounts avalwa ukuthi asebenze kanti ngemuva kokuboshwa abakwaMultichoice bakhipha yonke imidlalo yakhe ekubalwa Umkhokha: The Curse neSibongile & The Dlaminis. Umthombo uthe. “Okucike kakhulu uChicco ukuthi uDuma ubengasazibambi izingcingo zakhe ingakho enqume ukuvala amasango. Kube kubi impela abalingisi nabasebenza ngamakhamera bejikiswa unogada esangweni betshelwa ukuthi angeke kuqhubeke umsebenzi engakakhokhelwa uChicco.”
UChicco nguye obhale izingoma eziyibika emdlalweni kaNdlovu njengoMuvhango neSibongile & The Dlaminis. Imizamo yokuthola uNdlovu iphunzile kodwa uChicco ushaye sengathi akalwazi udaba. “Kunenkampani engiyiqqashile engenzela lowo msebenzi wokuqashwa kwezindawo zokuqopha. Ibingakafiki le eyokuthi kukhona abangakangikhokheli.”