Uncategorised

U-HUGO UKHALA NGOKUKHULUPHALA KUBADLALI BASE-MZANSI

UHUGO Broos uthi utshwala nokuba nomzimba kwabadlali baseNingizimu Afrika, yikona okwenza bangathathwa ukodlala phesheya. ISITHOMBE:

MABUNHLE MLABA

UMQEQESHI weBafana Bafana u-Hugo Broos ukhala ngotshwala, ukuzimuka komzimba nokungazihloniphi kwabadlali baseNingizimu Afrika, athi ikhona bengakwazi ukuyodlala phesheya kwezilwandle.
Lo mqeqeshi waseBelgium akaconsi phansi kubantu bakuleli njengoba ebawelise ngelibanzi wafaka iBafana Bafana kwi-FIFA World Cup 2026, ngemuva kweminyaka engaphezulu engama-20 yagcina ukuyodlala kulo mqhudelwano wamazwe ngamazwe.
“Into engafike ngayiqaphela ngifika lapha ukuthi abadlali bakhonze kakhulu uphuzo oludakayo. Ngokwami akulungile lokho uma umuntu ezokwenza njalo. Ayikho inkinga uma engazishayela ubhiya uma esanda kusebenza kanzima esengene kwiWorld Cup. Ukudlala e-Europe akulula neze ngoba kudingeka ukuthi uma uqeda ukujima nokudlala uqhubeke uziphathe kahle. Okunye engaqaphelayo ngifika lapha ukuthi iqembu lika 2010 lalinabadlali abangaphezulu kweshumi ababedlala kumaLigi aphesheya. Lesi sibalo singaphinde sibe khona mhlawumbe uma iBafana Bafana seyidlale kahle kwi-Africa Cup of Nations eMorocco kulo nyaka nakwiWorld Cup eSouth America,” kusho lo mqeqeshi waseBelgium”
UBroos ufisa ukubona abadlali bakuleli besika iphethini kwabaseMorocco, Senegal, Ghana, Cameroon, Ivory Coast naseNigeria abagcwele kumaLigi aphesheya.