KUGQUGQUZELWA UTHANDO KOWOSUKU LWEZITHANDANI E-MOUNT SENIA RESORT


KUZOGQUGQUZELWA uthabdo emcimbini iLover’s Night ezokuba eMount Sinai Resort eVryheid.
ZETHU PHOSWA
KUGQUGQUZELWA uthando nobunye emphakathini waseVryheid namaphethelo emcimbini iLover’s Night, ezokuba mhla ziyi-14 eMount Sinai Resort eVryheid.
Lokhu kushiwo umsunguli womcimbi uWandile Manyathi, ongumnikazi wale ndawo, nothi isizathu sokusungula lomcimbi ukutshala uthando, ubunye nobumbano emphakathini.
“Siphila esikhathini esinzima, abantu babhekana nezinto ezihlezi ziphula inhliziyo, okubalwa izingozi zemigwaqo ezihlasela, isimo sezulu esiguquguqukayo okuthi uma sike sahlasela, sedlule nemiphefumulo. Lolu suku lungelokujabula, kuchelelwe uthando. Ukuphela kothando kubantu kulandela inzondo, amagqubu nokuphelelwa ngonembeza. Kuwumsebenzi wethu njengabahlali bakule ukuthi siqhakambise uthando siluvuselele, ” kusho uManyathi.
Kulo mcimbi kuzokuba nedili lomculo wothando, okuzodlala uMawelele Wodumo lukaNaledi Aphiwe, uSkhinkily wodumo lweDwe dwe dwe no Scelo Gowani.
Amathikithi aqala kuR200, kanti awe-VIP u-R350.
Ngemininingwane egcwele ungashayela kule nombolo ethi:076 401 2730
