INGCINDEZI YOKUNQOBA KU-BROOS

UBroos uveza ukumqoka bokunqoba owe -Zimbabwe .
ISITHOMBE : Times Live
MALIBONGWE MAZIBUKO
UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos, unengcindezi enkulu yokunqoba, umdlalo wanamuhla phakathi kweNingizimu Afrika neZimbabwe.
IBafana Bafana ibheke ukuthi ithole amaphuzu agcwele enkundleni yezemidlalo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngehora lesithupha ntambama.
UBroos uthi umthwalo ukhule kakhulu kwiBafana Bafana ngesikhathi iFIFA ibaphuca amaphuzu amathathu, ngokudlalisa uTebogo Mokoena kungafanele adlale.
“Akumele sicabange ukuthi kumele sinqobe ngamagoli amangaki, kodwa okubalulekile ukuthi sinqobe lomdlalo. Abadlali bazinikele kakhulu. Sakwazi ukukwenza sidlala neNigeria nakuba singawunqobanga umdlalo kodwa sakwazi ukudlala ibhola elincomekayo. Kufanele sibe namaqhinga amaningi ukuze uma elokuqala lingasebenzi sisebenzise elinye”, kusho uHugo Broos.
