Uncategorised

KUHLONISHWE USHENGE NGEGALELO LOKUNOTHISA UMLANDO

ANELE ZUMA

UKUKLAMA indima enkulu ekwakheni umlando waseNingizimu Afrika kukaMntwana Mangosuthu Buthelezi, kuholele ekutheni uhulumeni KwaZulu-Natali umhloniphe nokwenza iliba lakhe, libe yifagugu kulesi sifundazwe.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ethula inkulumo yakhe emcimbini eMahlabathini, uthe ukukhothama kuka Shenge kwakufana nokushiswa komtapo wolwazi omkhulu.
“Lokhu kumhlonipha kufanele ngenxa yamagalelo akhe ekuthuthukiseni nokuphucula izimpilo zabantu. Ukwakha izingqalazisinda okubalwa izikole, izibhedlela nokunye okuningi. Ngeke sakulibala ukuthi ubengummbumbi wesizwe ,futhi engumvikeli wama Zulu,” kubeka UNdunankulu uNtuli.
UNtuli uveze ukuthi uShenge waba ngumeluleki kaZulu weZilo ezintathu okubalwa iSilo: uBhekuzulu kaDinuzulu, iNgonyama Zwelithini kaBhekuzulu neNdlulamithi uMisuzulu kaZwelithini.
“Inkunzi yaseMahlabathini isiphumule, kodwa ifa layo lizoqhakamba njalo njalo, ‘ esho.
UShenge wagqama ngokusungula Inkatha Freedom Party ngonyaka ka-1975, waba yilungu lePhalamende kusukela ngonyaka ka-1994, kwaze kwaba uyakhothama ngonyaka ka-2023.

Inkosi yaKwaPhindangene uMntwana uZuzifa Buthelezi oyindodana kaShenge, ukuthokozele kakhulu ukuhloniswa kukayise, wathi bewumndeni bakuthokozele kakhulu.
“Namuhla sinokuthobeka okuyisimanga, sikwazi ukubona ukuthi ayesebenzisana nabo usahlezi ezinhliziyweni zabo, futhi basamnika inhlonipho emfanele. Lokhu kusenza sizizwe sinesibindi, sithola nokududuzeka ngokuthi iminyaka ayeyichitha esebenzela isizwe iyabonakala, “ kubeka uMntwana uZuzifa.