Uncategorised

UGONYULUKE NGOKWAMHAMBISA KU-KHOZI FM UZANDILE

Zandile Tembe

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
LOWO owayengu programmes manager oKhozini FM uZandile Tembe, ugonyuluke okokuqala ngokushiya kwakhe lo msakazo wakwa-SABC, ayesehlale kuwo iminyaka engu 13.
Ekhuluma kwi Podcast Radio & Stuff uTembe, uthe ukholwa ukuthi ukungasebenzisani kahle kwakhe noSbongi Ngcobo owayeyiBusiness Manager yoKhozi FM, ikhona okwenza wahamba.
UTembe owaqala ukusebenza kulo msakazi njengoproducer ohlelweni lwasekuseni, olwalushayelwa uLinda “Mr Magic” Sibiya ngo 2008. “Namanje kusabuhlungu uma ngibheka indlela engahamba ngayo. Isimo sasingesihle ngaphakathi emsebenzini saholela ekutheni ngingakwazi ukuqhubeka nokusebenza, ngaphansi kwesimo esimuncu. Angeke ngakutshela ukuthi lokho kwadalwa yini, kodwa engikwaziyo ukuthi kwakungahlangene nomsebenzi wami,” kusho uZandile.
Uthi okwamxaka ukuthi kungani bengasebenzisananga kahle noNgcobo, ekubeni bake basebenza ndawonye eTru FM, okungesinye isiteshi sakwa-SABC. Uthe akuyena uNgcobo kuphela owenza kwangasebenzeka kahle emsakazweni, kepha kunabanye abantu ababa yimixhantela kodwa wangawadulula amagama abo. Uveze ukuthi ngesinye isikhathi wacelwa ukuthi asebenzele ekhaya, ngoba abaphathi bengafuni ukuthi abe ingxenye yomhlangano omqoka lapho kuhlelwa khona izinto eziningi. UNgcobo, owajoyina Ukhozi FM ngonyaka wezu-2018, washiya isigubhukane ngenyanga kaNovember wonyaka odlule.
Baningi abajabula ngokuhamba kukaSbo ngaphakathi oKhozini FM, abanye babesho nokuthi ubebavalela, enabantu abathize abakhonzile.
Omunyebowabasazakazi watshela leli phephanda ukuthi, sekubuya izinduku zikaZandile.
“Mina benginuka umzondo kuSbo, engafuni ngisho ukunginika isikhathi sokusakaza. Kodwa lokhu ayekwenza kuzofundisa nabanye ukuthi kufanele ungaphathi ngesandla sensimbi nokuzonda abantu bengezanga lutho,” esho.