UMCHUNU USEJUBE UMKHWANAZI NO-MASEMOLA KOLWASE-NANDA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuZwelonke uMnuz Senzo Mchunu uphonsele inselelo abalwa nobugebengu emphakathini, eyokulwa nokunqoba izigebengu ezihlalise umphakathi lubhojozi.
UNgqogqoshe uMchunu ukusho lokhu ngesikhathi ehlangene namalunga eCommunity Policing Forum, lapho ebekudingidwa khona ngezindlela namaqhinga okulwa nobugebengu emphakathini, ngesikhathi benze Zoom Meeting.
Kulo mhlangano bekukhona ukhomisha wamaphoyisa kuzwelonke, okhomishana bamaphoyisa bezifundazwe zonke namalunga eCPF aqhamuka kuzo zonke izifundazwe.
Udaba obeluseqhulwini bekuwukulwa nobugebengu eNingizimu Afrika yonke, kwase kwagxilwa kubugebengu osebuqubuke eNanda okuyikona osekudonse amehlo amaningi, lapho umphakathi wakhona usudinwe wathelwa ngezibonkolo, ungasalawuleki.
“ Kumanje sidingida udaba lokwakhiwa kwesiteshi eMaoti eNanda, njengoba ukhala ngamaphoyisa amancabe nesteshi sisincane. Ngicele uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi angenelele kulolu daba lwaseNanda.Nami ngizongenelela kakhulu kulolu daba lwaseNanda ngokubambisana noMkhwanazi,” kusho uNgqongqoshe uMchunu
Unxuse umphakathi ukuthi ubambisane namaphoyisa, ukuze kunqontshwe ubugebengu emphakathini.
Ephetha uMchunu uthe isifiso sakhe ukuthi kwehle njalo ubugebengu ngoba lokho kunomthelela ekuthuthukiseni umnotho,okuheha abatshali-zimali futhi okudala amathuba emisebenzi.
UKhomisha wamaPhoyisa kuZwelonke uGeneral Fannie Masemola, uthe uzokuya ngokushesha eMaoti eNanda, ukobheka isimo nokubona okudingekayo. Uthi njengoba eyobheka isimo inhloso yakhona ukuthi uNgqongqoshe uMchunu aye khona nezinto eziphathekayo, ezizokwazi ukuba yikhambi ekulweni nobugebengu.
UGeneral Nhlanhla Mkhwanazi uthe uzohlangana nalawa malunga eCPF aKwaZulu-Natal.
