Uncategorised

BASALE ENKUNDLENI ABASOLWA ABABILI EBEBEDUBULANA NAMAPHOYISA

CAPTION: UMUZI obekucashe kuwo abasolwa eMhlasini. ISITHOMBE: KZNSAPS

NOMCEBO NGEMA

BASALE enkundleni abasolwa ababili ebebefunelwa amacala amabili okubulala abantu esigamekweni esenzeka ngasekuqaleni kwalonyaka.
Lesi sigameko senzeke endaweni yaseMhlasini e-Verulam, izolo ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umkhankaso wawo.

Amaphoyisa athi ngesikhathi ezama ukubabopha laba balisa, bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona amaphoyisa. Athi kuwaphoqile ukuthi aphendule incwadi ebibhalwa ilabasolwa, kwaba nokudubulana okushiye abasolwa ababili befile endaweni yesigameko.

Aqhube athi athole izibhamu ezimbili endaweni yesigameko futhi azoqhubeka nophenyo ukuze kutholakale yonke imininingwane yalolu daba.

Lo mkhankaso uhlanganisa uPhiko lwamaphoyisa i-SAPS eThekwini Outer North Crime Intelligence, Durban North SAPS Trio Crimes Unit, Newlands East SAPS Trio Crimes Unit, Durban Metro Police kanye ne-K9 Saint Security.