BASALE ENKUNDLENI ABASOLWA ABATHATHU

UMBIKO: AKHONA DLAMINI
BASALE enkundleni abasolwa abathathu ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eReservoir Hills, KwaZulu-Natal.
Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi, amaphoyisa ethole ulwazi mayelana nesigameko sobugebengu obuhleliwe.
Kuthe abasolwa uma bebona imoto yamaphoyisa, bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, okuholele ekutheni amaphoyisa aphindisele ngalo izulu lezandla.
Kulesi sigameko sokudubulana kwamaphoyisa nezigebengu, kudubuleke amaphoyisa amabili, abe esethola ukwelashwa endaweni yesigameko ngabezimo eziphuthumayo.
UBrigadier Jay Naicker usiqinisekile lesi sigameko, wathi amaphoyisa athole izibhamu ezimbili nebhomu emotweni yabasolwa.
Uthe uphenyo luveze ukuthi abasolwa bebefunelwa amacala lokugebengwa kwezimoto zemali (CIT) kusukela ngonyaka we-2021.
