Uncategorised

UKHAWULA UTHI AKABAFUNI OVIKIZEMBE EMAQENJINI EBHOLA ASE-KZN

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula etomula iqembu AmaZulu FC azobhekana neMidlands Wanderers .

UNDUNANKULU uThamsanqa Ntuli, uNgqongqoshe uMntomuhle Khawula kanye nezikhulu zamaqembu ebhola KwaZulu-Natal. IZITHOMBE: SPHA MBHELE

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi akafuni amaqembu akulesi sifundazwe amataniswe nezembe kwiBetway Premiership, kodwa ufuna aqhwakele ngaso sonke isikhathi. Ubekhuluma ngoLwesine ngesikhathi kuqhathwa ngokusemthethweni amaqembu aKwaZulu-Natal azogadulisana kowe-KZN Premier’s Cup 2026, ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni le midlalo, eLangeni Hotel eThekwini.

Ayisihlanu amaqembu aseKZN adlala kwiPremiership okuyiLamontville Golden Arrows, AmaZulu FC, Durban City FC, Richards Bay FC, Milford FC. IMidlands Wanderers igijima kwiMotsepe Foundation Championship. Imidlalo yeKZN Premiership izoqala eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont mhla zingama-25 kulenyanga. Owamanqamu ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu mhla zingama-26. Iqembu elizonqoba ilona elizokhala lemuke nendebe yakulonyaka.UKhawula uthe uMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko yiwona ohlela le ndumezulu yezemidlalo.

“Sijabule kakhulu ngendlela le midlalo eyenzeka ngayo nemiphumela yayo emihle. Kuleminyaka edlule besilokhu sikhuluma namaqembu ezemidlalo akulesi sifundazwe ukuthi sifisa ukuthi amaqembu ebhola akulesi sifundazwe abemaningi phezulu kwiBetway Premiership. Siyajabula ngoba siyakubona lokho kwenzeka ngoba umgomo esawunika zonke izinhlangano zezemidlalo zethu, ngesikhathi sifika kulohulumeni kwaba ukuthi siwuvulile umlomo wokuthelela amaqembu ngaphezulu, kodwa sawuvala umpompi wokuthi baphume baye ngezansi, ngoba asibafuni ovikizembe. Sifuna babe phezulu ngaso sonke isikhathi. Siyabonga ukubambisana okuhle okukhona phakathi komnyango nezinhlangano zezemidlalo zonke KwaZulu-Natal,” kuphetha uKhawula.

Amaqembu azogadulisana eSugar Ray Xulu Stadium ngomhlaka 25:Lamontville Golden Arrows vs Milford FC (10am)Durban City FC vs Richards Bay FC (1pm)AmaZulu FC vs Midlands Wanderers (4pm)