KWEMBULWA KWEMBESWA KUNDLUNKULU WESILO

UNdlunkulu Nomzamo KaMyeni. ISITHOMBE: SCROLLA
MBIKO: ZETHU PHOSWA
KUTHUNYELWE abaseNdlunkulu, ukuthi bayobheka isimo sikaNdlunkulu uNomzamo KaMyeni, ngoLwesibili.
Lokhu kulandela ukuthi oKaMyeni ezifuqe ngamaphilisi, ezama ukuzibulala, ngemuva kokuthi kuhoxiswe umgcagco wakhe, okuholele ekutheni ahlaselwe yisifo sohlangathi.
Ngokusho komthombo ongaphakathi endlunkulu, kuthiwa bafice isimo sisibi.kuNdlunkulu uKaMyeni, bahambe bebhocobele.
“Isimo sibi kakhulu ngoba uphuze amaphilisi weqisa ezama ukuzibulala. Sonke asazi ukuthi kwenzenjani ngoba besimubona engathi konke kuhamba kahle kodwa lokhu akwenzile kusethuse kakhulu . Asazi noma yonke lento imayelana nokuhoxa komshado wakhe neNgonyama yini. Ubesethuthe ngisho esigodlweni saseMachobeni wayohlala oPhongolo,,” kuchaza umthombo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuqale ukuqaguleka ngoqhekeko oluphakathi kweSilo noNdlunkulu ngesikhathi iNdlulamithi ihoxisa umshado, ngesikhathi iya enkantolo ngodaba lwabo noNdlunkulu omdala uNtokozo uKaMayisela.
Ngesikhathi kunomcimbi waseSandlwane kwagcwaliseka ukuthi cha, usenuka umzondo kwiSilo, ngoba wayehlaliswe namakhosikazi, kanti ngokwenjwayelo ubehlezi ethe me kwiSilo, kucacela noma ubani ukuthi uyintandokazi.
Kwenzeka lokhu nje iSilo besisanda ukuyovela ebukhosini obusesifundazweni saseMpumalanga bakwaMdluli engodusweni yaso entsha uSihle kaMdluli.
Umcimbi waphenduka indumezulu kukhona ngisho izikhulu namabutho.
Ihhovisi le Ngonyama ngesikhathi likhuluma nephephandaba iScrolla likuqinisekisile ukuthi okaMyeni usesibhedlela kodwa le nqaba ukwenaba.
