Uncategorised

UGWETSHWE UDILIKAJELE NGECALA LOKUDLWENGULA NOKUTHUMBA

INKANTOLO yesiFunda ePort Shepstone igwebe uSiboniso Ndlovu ngecala lokudlwengula nokuthumba. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

INKANTOLO yesiFunda ePort Shepstone igwebe udilikajele neminyaka eyisi-7 ngaphezulu uSiboniso Ndlovu oneminyaka engama-28 ubudala, ngecala lokuthumba nokudlwengula.

Kuthiwa ngosuku okwenzeka ngaso lesigameko isisulu sasikubo, sihlaselwa uSiboniso. USiboniso wabhozomela isisulu waze wasehlula ngamandla wasidlwengula ephindelela, wase ekha phansi. Isisulu sabikela ilunga lomndeni ngalesi sigameko, saphuthunyiswa ePort Shepstone Thuthuzela Care Centre sathola usizo lwezempilo nokululekwa ngokwengqondo. Kuvele ukuthi sambona uSiboniso ngoba wayekhanyiswe umabonakude futhi nogesi ukhanya kodwa sasingalazi igama likamsolwa.

Ngemuva kwenyanga kwenzeke lesi sigameko, isisulu sabona uSiboniso komunye umcimbi owawukomunye umuzi endaweni, sabikela amaphoyisa ngokushesha waboshwa.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uNatasha Ramkisson-Kara, uthi bayasemukela isigwebo sikadilikajele neminyaka eyisi-7 esitholwe uNdlovu.