Uncategorised

SIBANJIWE ISIWENGU SOMLANDELI WASE-ROMANIA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

SIGCINE sibanjiwe isiwengu somlandeli waseRomania ojikijele umdlali waseNingizimu Afrika uSiyabonga Ngezana ngento ethile ngesikhathi edlalela iqembu lakhe i-FCSB ibhekene neRapid Bucuresti ngeSonto.

Bekusahanjwe imizuzu emithathu ngesikhathi lo mdlali weBafana Bafana ebonakala egingqika phansi ngesikhathi eshaywa into ethile ejikijelwe umlandeli.

Abezimo eziphuthumayo bamphuthumile bamxilonga banquma ukuthi angaqhubeka nokuyibamba ishisa enkundleni. Ezakhe zigcine zinqoba ngo 2-1 kulo mdlalo weRomania SuperLiga. Ngokusho kweziphathimandla zebhola zaseRomania abezomthetho sebekwazile ukubamba lesi siwengu ekuvela ukuthi sasihlezi kwi-stand sesibili sihlezi nezihlwele zeRapid Bucuresti. Kuthiwa lesi siwengu sizohlawuliswa ngemali eshisiwe bese sigwetshwa unyaka wonke singezi enkundleni. Selokhu ashiya kukubi kwiKaizer Chiefs uNgezana usefike eRomania wahanjelwa kahle izinto njengoba esenqobe izicoco ezimbili neqembu. Ubuye wathola ezakhe yedwa okuyiDefender of the Season neBest Foreign Footballer.