Uncategorised

KUKHALWA NGOSONKONTILEKA ABASEBENZA NGESIVININI SONWABU

UNGQONGQOSHE uMnuz MacPherson kanye noNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula ngesikhathi beseNanda.

UNGQONGQOSHE ngesikhathi ethula inkulumo yakhe. IZITHOMBE: KZNDSAC

NOMCEBO NGEMA

KUKHALWA ngosonkontileka abasebenza ngesivinini sonwabu uma benikwe umsebenzi, ukuthi basebenze ngokuzimisela ukuze uphele ngesikhathi esifanele okanye esinqunyiwe.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe woMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuzwelonke uMnuz Dean McPherson ngesikhathi ehola ithimba ebehambasana nalo bevakashele umndeni woMholi wokuqala we-ANC uDkt John Langalibalele Dube, eNanda.
UNgqongqoshe uMnuz Dean McPherson, uNgqongqoshe wezeMidlalo, wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, iMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba nabatshali zimali, bahambele isikhungo i-Ohlange Institute okuyisikole esakhiwa ngonyaka ka-1901 uDkt Dube, ngenhloso yokuhlola ukuthi ukuvuselelwa nokuthuthukiswa kwaso sesikusiphi isigaba.
UNgqongqoshe McPherson ukhale kakhulu ngokuhamba kancane kanye nokubambezeleka kwalama-phrojekthi okwakutshalwe kuwo isamba esingu R33m kusuka ngo-2012.
UNgqongqoshe uKhawula ukhuthaze osonkontileka ngokuthi banyuse amasokisi ukuze umsebenzi abawunikiwe uzophela ngesikhathi.
“Indlu neliba likaDkt uDube kubalulekile kakhulu emlandweni wesifundazwe saKwaZulu-Natal, yingakho kufanele ukusetshenzwa ngokuzimisela,” kusho uNgqongqoshe Khawula.