Uncategorised

I-KZNERA NEQHAZA EKUTHUTHUKISENI I-DUNDEE JULY 2025

UMBIKO: ANELE ZUMA
umusamedia1@gmail.com

I-KWAZULU-NATAL Economic Regulator Authority (i-KZNERA), ibambisene nabaphethe amalayisense ka tshwala nokugembula, ixhase ngemali eyi-R140,000 ukweseka umjaho womtelebhelo wamahhashi i-Dundee July Horse Racing ka-2025.
UMnuz Bonga Mngoma oyisikhulu esiphezulu kwaKZNERA uthi inhloso yabo, ukuthuthukisa imicimbi ikakhulukazi esezindaweni zasekhaya.
“Sijabule kakhulu ukubona lo mjaho usezingeni eliphezulu. I-Dundee July isikhule kakhulu njengoba isifike ezingeni likazwe lonke, eselihehe namazwe angomakhelwane. Asigcini nje ngokugubha ingcebo yamasiko KwaZulu-Natal kodwa siphinde sibambe iqhaza elikhulu ekuthuthukisweni kwezomnotho esifundazweni,” kusho uMnuz Mngoma.
Uthi ixhaso lwabo belugxile kukudla kwamahhashi nezinye zezindleko zokunqoba emncintiswaneni.
“Inhloso ukubona lo mjaho ukhula futhi kuthuthuka nosomabhizinisi abasemazingeni aphansi. Sizibophezela ekuthuthukisweni umnotho, ukukhuthaza ezokuvakasha, nokuthuthukisa ukubumbana kwezenhlalo ngaphakathi kwemiphakathi yasemakhaya nasemadolobheni ngemicimbi yokuzijabulisa elawulwayo,” esho.
I-KZNERA ibibambisana ne-South African Responsible Gambling Foundation (i-SARGF), ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle.