UTHOLE UKUHLONISHWA EMAZWENI OWE- SUPERSPORT


UMBIKO: MABUNHLE MLABA
NAKUBA engakaze akuthole ukuhlonishwa eNingizimu Afrika, kodwa ukuhlonishwa kwakhe emazweni kumenze wazigqaja ngomsebenzi negalelo lakhe umsakazi webhola kwiSupersport.
Isilomo uReggie “Mapensela’ Ndlovu, kumenze wazizwa ebaluleke kakhulu njengoba esanda kuhlabana ngendondo yeSportsman of the Year kumaYoung Achiever Africa Awards abebanjelwe eKigali eRwanda.
Lo mklomelo welama ofanayo awuzuza kumaZikomo Awards asungulwa e-Afrika kodwa abebanjelwe eSandton eGoli. . “Lokhu kuyizinkomba zokuthi kumqoka ukuthi uzigqaje ngolwimi lwakho. Ngisizwe ukusakaza imidlalo yeCAF Kanti yize abalalela le midlalo bengasazi isiZulu kodwa bayayithanda indlela engisakaza ngayo,” esho.
Uthe into ayifisayo manje ukusakaza bukhoma imidlalo yeCAF njenge-Afcon neChampions League adlulele kwi FIFA World Cup ne-Euro Champions League. Uveze ukuthi njengamanje usakazela estudiyo eRandburg akakaze aye bukhoma lemidlalo esuke idlalelwa khona.
Le nsizwa yaseNquthu ithi ukuphumelela kwayo kuyinselelo kubafundi abafunda ezikoleni ezisemakhaya, ukuthi akukho ukubhaca uyakwazi ukuphumelela uqhamuka kankomo zinya upholishi.
“Ngifunde emakhaya eNondweni naseNgwebini eNquthu kodwa angikaze ngizenyeze. Ngilwe ngakho konke ngifuna ukufeza amaphupho ami. Ngizabalaze ngaze ngangena ngisho emkhakheni wokulingisa,’ esho.
