Uncategorised

SIKHALA NGOKUGQOZA KWEMISHADO ISILO

ISILO uMisuzulu kaZwelithini. ISITHOMBE : SPHA MBHELE

STHEMBISO SHANGASE

UKUGQOZA kwemishado sekwenze iSilo uMisuzulu kaZwelithini sizwakalise ukukhathazeka, kodwa ingcabha siyikhombe kulo mthetho owashaywa Theophilus Sherpstone uSomtsewu, owenza kube wumqansa ukulobola.
INdlulamithi iphefumule ngalokhu ngesikhathi ikhuluma isivala uMkhosi woMhlanga eMashobeni, eMpakama oPhongolo ngesonto ntambama.
Nakuba siyikhulume sakuntela lendaba kodwa sikuvezile ukuthi kuwumqansa ezinsizweni ezifisa ukuganwa, waze waveza ukuthi kunesidingo sokuthi kuxoxwe ngalenkinga.
Sithi uTheophilus Sherpstone uSomtsewu esewumbusi wezindaba zabomdabu kulesifundazwe, washaya lo umthetho wokulobola ngezinkomo eziyi-11, owenza abesilisa bathwale kanzima ngokulobola.
“Okwamanje uma umuntu wesilisa edinga ukuganwa kufanele akhiphe ilobolo lezinkomo eziyishumi nenkomo ngaphezulu, bese kuba nezibizo engaphezulu. Lokho nje kuwumqansi ezinsizweni, “ kubeka iSilo.
Into eyenze iSilo sibabaze ukugqoza kokugana, kungesikhathi sekucimeliswa izintombi ezizovalelisa kulo mkhosi esezizoshada.
“Kufanele kuxoxwe ukuze ngokwesifiso sami, ukuze izintombi zingabi womsala zabiwa, zize zigugele emakhaya,” sisho.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali uMnuz Mntomuhle Khawula uveze ukuthi bewuhulumeni bazoqhubeka nokusebenzisana kahle neNdlunkulu kaZulu.