UBHEKENE NOXHAXHA LWAMACALA OBULALE INQWABA YABAFUNDI EGOLI

U-AYANDA Dludla ubelokhu ebheke phansi enkantolo izolo ngesikhathi evele kafushane. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
LIHLEHLELE umhla zi-5 kuNdasa kulonyaka icala elibhekene no-Ayanda “Biggie” Dludla oneminyaka engama-22 ubudala, ongumshayeli wetekisi ebulale abafundi abayi-14 ngoMsombuluko eVanderbijlpark, eGoli.
U-Ayanda ubevele kafushane ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark.
Inkantolo ithwese u-Ayanda ngoxhaxha lwamacala azobhekelana nawo okubalwa ayi-14 okubulala, amathathu okuzama ukubulala, elilodwa lokushayela engenazo izincwadi, elilodwa lokushayela imoto engagunyaziwe ukuthi ibe semgwaqeni nelilodwa lobudedengu.
Khonamanjalo uMnyango wezeMfundo eGoli ukhiphe amagama abafundi abashone kule ngozi enyantisa igazi, waphinde wadlulisa amazwi enduduzo emindenini yalabafundi. Amagama, izibongo, izikole ebebefunda kuzona kanye namabanga ebebekuwo kulonyaka:
- Buhle Radebe – Grade 11, Hoërskool Vanderbijlpark
- Bokamoso Mokhobo – Grade 8, Hoërskool Vanderbijlpark
- Sibongile Madonsela – Grade 10, Hoërskool Vanderbijlpark
- Leano Moiloa – Grade 8, Vaal High School
- Lesego Sefatsa – Grade 2, Oakwood Primary School
- Letlotlo Katlego Makwe – Grade 2, Vaal Triangle Primary School
- Ofentse Jayden Vinger – Grade 1, Oliver Lodge Primary School
- Lindokuhle Mabaso – Grade 5, Noordhoek Primary School
- Pheello Motaung – Grade 11, El-Shaddai Christian School
- Puleng Maphalla – Grade 11, El-Shaddai Christian School
- Naledi Motsapi – Grade 10, El-Shaddai Christian School
- Bohlale Lekekela – Grade 1, El-Shaddai Christian School
*
