Uncategorised

IZINGXOXO NABEMBONI YEZOKUTHUTHA ESISHAYAMTHETHO E-KZN

ZIYATHEMBISA izingxoxo eSiyashayamthetho saKwaZulu-Natal zokusimamisa imboni yezokuthutha. ISITHOMBE: SANTACO

NOMCEBO NGEMA

ZIYAQHUBEKA izingxoxo eSishayamthetho saKwaZulu-Natal, zokuhlola izindlela ezingasiza ukusimamisa umkhakha wemboni yezokuthutha, okubalwa usizo lwezimali nemizamo yokugqugquzela ukuthula, nokubambisana phakathi kwezinhlangano zamatekisi.
IsiShayamthetho saKwaZulu-Natal sesiphendulile kwizinselelo eziqhubekayo ezibhekene nabanikazi bamatekisi esifundazweni saKwaZulu-Natal, njengoba imboni yamatekisi iqhubeka nokubhekana nengcindezi okubalwa ukukhuphuka kwezindleko zikaphethiloli, ukwehla kwenzuzo kanye nodlame oluqhubekayo oluhlobene nezingxabano zemizila.
Kuthiwa abanye abanikazi bamatekisi abaningi bakuthola kunzima ukugcina izimoto zikulungele ukuba semgaqweni, ukuthi zihambisane nemithetho yezokuthutha eguquguqukayo evame ukubeka umthwalo owengeziwe wezezimali kubanikazi bamatekisi abancane.
Amalungu ePhalamende esifundazweni ayakuvuma ukubaluleka kwemboni yamatekisi njengomgogodla wezithuthi zomphakathi KwaZulu-Natal, ezithwala izinkulungwane zabagibeli uma beya emsebenzini, isemadolobheni, isezindaweni ezihlukahlukene nasezikoleni nsuku zonke.
Iziphathimandla zithi ukuthola izixazululo ezinobulungiswa ngemva kwesikhathi eside, kuzosimamiseni lokhu kuxhumana kuphinde kuqinisekise ukuphepha nokwethembeka kwezinsizakalo kwizigidi zezakhamuzi.