Uncategorised

UKHONJWA PHESHEYA KWEZILWANDLE ONGUDINGA SITHEBENI

Usezithebeni zeqembu lase Europe umdlali wasemumva uSiyanda Xulu. ISITHOMBE: SOCCER LADUMA

MALIBONGWE MAZIBUKO

OWAYENGUMGADLI weSupersport United uSiyanda Xulu ufunwa yiqembu lebhola laphesheya kwezilwandle, eligijima kwi-Armenian Premier League iFC Noah, kulandela ukuthi lifake isicelo sokumthenga.
UXulu osangundinga sithebeni ngemva kokuthi ahlukane neqembu asePitoli abegijima kulo iSiwelele FC, ngenyanga kaNhlaba.
Lo mgadli uphume kwiSiwelele FC, wajoyina iqembu laseRomania, kodwa izinto zangahamba kahle, kwanqanyulwa isivumelwano ngenxa yokuthi seliwela kwezinye izandla zabanye abaphathi.
Lesitobha sesike sadlalela amaqembu amaningi laphesheya kwezilwandle, okubalwa iRostov, iHapoel Tel, I-Aviv neTovuz aphesheya kwezilwandle.
Amaqembu aseNingizimu Afrika asewadlalelile kubalwa iMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs, iMaritzburg United kanye ne Supersport United