Uncategorised

KUBANJWE ABASOLWA NGOKUNTSHONTSHA UPHETHILOLI E-VAAL

ABASOLWA abayi-11 ebebekumshikashika wokuntshontsha uphethiloli eMayerton, eVaal. ISTHOMBE: x.com

PHUMELELE DLAMINI

AMAPHOYISA oPhiko lwamaHAWKS abophe abasolwa abayi-11, okubikwa ukuthi baneminyaka ephakathi kwengama-27 kuya kwengama-46 ubudala, ebebezama ukweba uphethiloli endaweni yokuwugcina eMayerton, eVaal.
Kuvele ukuthi amaphoyisa athole imininingwane ngalolu hlelo obeluyimfihlo, kwathi ngesikhathi beqaphe le ndawo kwangena amaloli amabili emagcekeni okuyilapho bebanjwe khona.
Indawo le ababanjelwe kuyona amaphoyisa iveze ukuthi ibingaphansi kweso lomlawuli. Kubasolwa abayi-11 ababili bebengonogada bakulendawo futhi bebesebenzisana nalaba ebebezontshontsha uphethiloli.