KUTHUMELA UMYALEZO UKUBOSHWA KWEMEYA YAKWANNGOMA

i ISITHOMBE: THE CITIZEN
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UKUCHAZA njengokuthumela umyalezo kwabanye, ukuboshwa kweMeya noSomlomo kuMasipala waKwaNongima, abasolwa ngenkohlakalo nokukhwabanisa.
uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu uThulasizwe Buthelezi, uthi lokhu kuboshwa kukaMeya noSomlomo kuthumela umyalezo ojulile kwabanye, abasacabanga ukwenza inkohlakalo komasipala.
Laba basolwa bebevele enkantolo yaKwaNongoma namuhla.
Kuzokhumbuleka ukuthi iMeya wakwaNongoma uKhansela Clifford Ndabandaba weNFP, Iphini leMeya uKhansela Sabelo Nkosi we-EFF noSomlomo uKhansela Babongile Sithole we-ANC baboshwa ngoLwesihlanu olwedlule.
banqatshelwe ibheyili Laba basolwa babhekene necala lenkohlakalo. kulindeleke.
Ngokusho kweSA News bathi uButhelezi usancoma umsebenzi owenziwa amaphoyisa wokubopha abaholi abavimba intuthuko kubantu.
Uthe bona bazogxile endabeni ethinta uMasipala.
