Uncategorised

U-HUGO UFISA KUTHATHE UMKHELELE KOWOKUQEQESHA I-BAFANA

UFISA kuthathe izintambo umsizi wakhe kwi Bafana Bafana UBROOS. ISITHOMBE: CAF online

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMQEQESHI weqembu lesizwe iBafana Bafana uHugo Broos usephumele obala ngokufisa kwakhe, ukuthi uma ebeka izintambo zokuqeqesha iBafana, kuthathe uHelman Mkhelele.
Nakuba kumkhathaza Ukungabi bikho kweziqu zokuqeqesha kuMkhelele, ugqugquzele ukuthi enze zokuqeqesha, ukuze akwazi ukumelana kahle nalesi isikhundla.
UBroos, udalule ukuthi uMkhelele kumele aqhubeke nomsebenzi asebewuqalile ngoba okuningi abakwenzayo kuyefana, nemiqondo yabo iyefana.
“Ngiyafisa ukuba uHelman Mkhelele aqhubeke lapho engizogcina khona ngoba mina naye sicabanga ngokufana. Kuzomsiza yena ukuthi unguwakhona lapha eNingizimu Afrika, mina ngingowase-Europe. Kufanele athole izicucu ezifanele ezizokwenza aqeqeshe iqembu lesizwe okuyi UEFA Pro License lena efunakalayo,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi waseBelgium uzothatha umhlala phansi ekuqeqesheni emva kweminyaka engama-30, uzohola iqembu lesizwe kwi Africa Cup of Nations ka2025 aphinde alihole kwiNdebe yomhlaba yeFIFA ka-2026.