Uncategorised

I-ANC IFUNA UTOLASHE ASULE EPHALAMENDE

OBENGUNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke uSisisi Tolashe okhonjwe indlela. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

I-AFRICAN National Congress (ANC) isiyalele obenguNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke uSisisi Tolashe, ukuthi asule ekubeni ilunga lephalamende.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ekhombe indlela uTolashe, ngenxa yezinsolo zokwephula umthetho abhekene nazo, okubalwa ukuthola uxhaso lwezimoto zohlobo oluphambili (Luxury SUV’s) ezweni laseChina zangasetshenziswa umnyango wazinika izingane zakhe, ukuthatha umsizi wakhe oholelwa uhulumeni ayomenza umqaphi wengane emzini wakhe, ukuyalela umsizi wakhe lo oqaphe ingane emzini wakhe ukuthi anike ingane yakhe uhhafu womholo awuthola kuhulumeni nokunye.